Umyalezo obhekiswe kubafundi bebanga leshumi nambili ababhala izivivinyo zango 2017 osuka kwi Meya uMnomzane Cllr NV Chili

Matriculants 2017

“Kungenxa yemfundo lapho indodakazi yomuntukzana iba ngudokotela, indodana yomsebezi wasezimayini eba yinhloko yezimayini, ingane yosebenza ngokulima iba ngumengameli wesizwe esikhulu.”Dokotela Nelson R Mandela.

Lawa amagama anesisindo ashiwo ngumengameli wokuqala wentando yabantu eningizimu afrika uNelson Mandela, akhulumisa ngqo nezingxenye zonke ezakhele umasipala wethu lapho uthola khona abaningi abantu abasha abanekusasa eliqhakazi abayoba isisekelo sezwe lethu.

Iminyaka eyishumi nambili nangaphezulu, naqala loluhabo lwenu oluya empumelelweni oluyisisekelo sokuqukethwe ikusasa lenu. Sineseka ngokuniqinisa idolo nokuyinto kuphela esingayenza njengoba konke sekulele ezandleni zenu. Ukuhlolwa kukamatikuletsheni kunqala, isigaba sokuqala kokusha ngempilo yomuntu omusha. Yikhona okuqukethe amava ngempilo yakho.

iMeya yoMkhandlu weseNdwedwe ifisa ukucela bonke abahlolelwa umatikuletsheni ukuba babheke ukubamba isikhathi, babe namaqhinga okufunda, badle ngokwanele futhi bazivocavoce njalo nje.

uCllr Chili ucele abafundi bakamatikuletsheni ukuthi bazibambe ziqini ohambeni lwabo noshinstho olumelwe izitifiketi abazithola mabephothula umatikuletsheni, ubafisela inhlanhla bonke abafundi baseNdwedwe.

 “nikhumbule njalo ukuthi lokhu akuyi ngokuphumelela noma ukungaphumeleli, kodwa kuya ngokusebenza kanzima ukuthola okufisayo empilweni. Uma uphumelela manje siyakubongela, kodwa uma kungenzeki ungalilahli ithemba. Akulahlwa mbeleko ngakufelwa. “

Niyacelwa ukuba nifake izicelo zokufunda kuwizikhungo zemfundo ephakeme niphinde nifake nezicelo zemifundaze enihlinzekwe ngazo, uMasiipala, nemanyango ehlukene kahulumeni kanjalo no NSFAS.

Umyalezo uphuma, 
kuCllr elihloniphekile uBaba NV Chili
iMeya kaMasipala wase Ndwedwe

isithombe ngesabakwa www.howtopassmatric.co.za